
Isifundiswa sezeMfundo Sithole Umklomelo Wocwaningo
Click here for English version
USolwazi Kathleen Pithouse-Morgan waseSikoleni sezeMfundo e-UKZN uklonyeliswe nge-South African Education Research Association (i-SAERA) Research Honours Award ngamagalelo akhe amahle ocwaningweni lwezemfundo eNingizimu Afrika isikhathi eside.
Lo mklomelo kazwelonke ukhishwa minyaka yonke unikwe noma isikhungo socwaningo esenza umsebenzi omuhle onomthelela ocwaningweni lwezemfundo ezweni.
‘Le ndondo iklomelisa umsebenzi wami weminyaka eyishumi edlule wokuhola ucwaningo lwemikhakha ehlukene esabalalayo ezweni naphesheya,’ kusho u-Pithouse-Morgan. ‘Ngisebenzisane nezinye izifundiswa eziningi zaseNingizimu Afrika ukweseka othisha basenyuvesi nabafundi abenza iziqu ezinkulu ezinothando lokusebenzisa izindlela ezisabalalayo.’
Ukuba wuSihlalo we-American Educational Research Association (i-AERA) Self-Study of Teacher Education Practices (iS-STEP) Special Interest Group (i-SIG) noMdidiyeli we-SAERA Self-Reflexive Methodologies SIG kwenze u-Pithouse-Morgan wabona amandla ezifundiswa zasemhlabeni jikelele ezindleleni ezisebenza ngazo. Loku kubambisana, kulekelele ucwaningo lwakhe ekufundiseni.
Unothando nentshisekelo yokucathulisa abantu abaluqalayo lolu cwaningo olusabalalayo.
‘Ngikholwa wukuthi le ndondo izokhuthaza ezinye izifundiswa, noma ngabe ziyaqala noma sezimnkantshubomvu, ezifisa ukuthola ulwazi ngomsebenzi wazo nezindlela ezintsha zokwenza izinto,’ kusho yena. ‘Le ndondo iwubufakazi bokuthi ucwaningo olwenza phakathi kwabanye abantu abehlukile lungaveza izindlela ezintsha ezithinta ezemfundo nezenhlalo. Ngikhuthazwa wukwedlulela phambili ekuvuleni izikhala ezintsha zocwaningo ezikwazi ukushintsha isimo esikhona manje zolwazi lomsebenzi ezingeni lomhlaba wonke.’
U-Pithouse-Morgan ugxile emkhakheni wokufundisa, ogxile ekuqondeni kangcono othisha njengabafundi abazilawulayo nabazifundisayo. Umsebenzi wakhe ugxile ekutheni othisha bangazithola kanjani bona uqobo okusho ukukhula kwabo nangokomsebenzi noguquko emphakathini.
Esebenzisa izindlela ezintsha nezithinta imikhakha eminingi, u-Pithouse-Morgan useke wabambisana nabanye e-Afrika nakwamanye amazwekazi ukucwaninga izindlela zokufunda. Umsebenzi wakhe uzale ukwenziwa ngendlela ehlukile ‘ukufunda ngobunkondlo’.
Usanda kwenziwa umhleli omkhulu webhuku lezocwaningo i-Teaching and Teacher Education (i-TATE), ezifundisweni zokuqala zasenyuvesi yase-Afrika ukubekwa esikhundleni esinjeni kuleli bhuku locwaningo, elingamanye amabhuku ocwaningo ahlonishwayo emhlabeni.
Ngonyaka wezi-2018, u-Pithouse-Morgan wathola umklomelo i-Distinguished Teachers’ Award, kwathi ngowezi-2019 waklonyeliswa nge- National Excellence in Teaching and Learning Award ye-Council on Higher Education (i-CHE) ne-Higher Education Learning and Teaching Association of Southern Africa (i-HELTASA).
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe